Ugenesise 28:15-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kuleli zwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.”

16. Wayesephaphama uJakobe ebuthongweni bakhe, wathi: “Imbala uJehova ukule ndawo, mina-ke bengingakwazi.”

17. Washaywa luvalo, wathi: “Yeka ukwesabeka kwale ndawo! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu kuphela, yisango lezulu.”

18. UJakobe wavuka ekuseni, walithatha itshe abelibeke phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.

19. Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBethele; kuqala igama lomuzi laliyiLuze.

Ugenesise 28