13. Unina wayesethi kuye: “Isiqalekiso sakho, ndodana yami, masibe phezu kwami; lalela izwi lami, uhambe ukungithathela wona.”
14. Wayesehamba-ke, wawathatha, wawayisa kunina; unina walungisa isilovela njengalokho akuthandayo uyise.
15. URebeka wayesethatha izingubo ezinhle zika-Esawu indodana yakhe enkulu ezazikuye endlini, wamembathisa zona uJakobe indodana yakhe encane.
16. Wamnqwambisa izikhumba zamazinyane ezimbuzi ezandleni zakhe nasocwatheni lwentamo.
17. Wanikela esandleni sikaJakobe indodana yakhe isilovela nesinkwa akulungisileyo.
18. Yena waya kuyise, wathi: “Baba!”Wathi yena: “Ngilapha; ungubani wena ndodana yami na?”
19. UJakobe wathi kuyise: “Ngingu-Esawu izibulo lakho; ngenze njengalokho ungitshelile; mawuvuke, uhlale, udle ukuba umphefumulo wakho ungibusise.”
20. U-Isaka wathi kuyo indodana yakhe: “Kwenzeke kanjani ukuba usheshe kangaka ukuyithola, ndodana yami, na?”Wathi: “Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyenze ukuba ize phambi kwami.”
21. U-Isaka wayesethi kuJakobe: “Ake usondele, ngikuphathe, ndodana yami, uma uyindodana yami u-Esawu uqobo noma ungesiyo na?”
22. UJakobe wasondela ku-Isaka uyise; wamphatha, wathi: “Izwi liyizwi likaJakobe, kepha izandla ziyizandla zika-Esawu.”
23. Akamazanga, ngokuba izandla zakhe zazinoboya njengezandla zomnewabo u-Esawu; wayeseyakumbusisa.
24. Kepha wayesethi: “Uyindodana yami u-Esawu uqobo na?”Wathi: “Nginguye.”
25. Wayesethi: “Sondeza kimi, ngidle inyamazane yendodana yami ukuba umphefumulo wami ukubusise.” Wayeseyisondeza kuye, wadla; wayisa kuye iwayini, waphuza.
26. Uyise u-Isaka wathi kuye: “Ake usondele ungange, ndodana yami.”
27. Wasondela wamanga, wahogela iphunga lezingubo zakhe, wambusisa wathi:“Bheka, iphunga lendodana yamilinjengephunga lensimu ebusisiwe nguJehova.
28. UNkulunkulu makakuphe amazolo ezulu,namanoni omhlaba,nenala yamabele neyewayini.