Ugenesise 27:12-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Mhlawumbe ubaba uyakungiphatha, ngibe ngokhohlisayo emehlweni akhe, ngizilethele isiqalekiso, kungabi yisibusiso.”

13. Unina wayesethi kuye: “Isiqalekiso sakho, ndodana yami, masibe phezu kwami; lalela izwi lami, uhambe ukungithathela wona.”

14. Wayesehamba-ke, wawathatha, wawayisa kunina; unina walungisa isilovela njengalokho akuthandayo uyise.

15. URebeka wayesethatha izingubo ezinhle zika-Esawu indodana yakhe enkulu ezazikuye endlini, wamembathisa zona uJakobe indodana yakhe encane.

16. Wamnqwambisa izikhumba zamazinyane ezimbuzi ezandleni zakhe nasocwatheni lwentamo.

Ugenesise 27