Ugenesise 26:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwaba khona indlala ezweni ngaphandle kwendlala yokuqala eyayikhona emihleni ka-Abrahama; u-Isaka waya eGerari ku-Abimeleki inkosi yamaFilisti.

2. UJehova wabonakala kuye, wathi: “Ungehleli eGibithe; hlala ezweni engizakukutshela lona,

3. ugogobale kuleli zwe; ngizakuba nawe, ngikubusise, ngokuba ngiyakunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, ngigcwalise isifungo engasifunga ku-Abrahama uyihlo.

Ugenesise 26