Ugenesise 24:50-54 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

50. Base bephendula oLabani noBetuweli, bethi: “Le ndaba ivela kuJehova; asinakusho lutho kuwe, noma okubi noma okuhle.

51. Bheka, uRebeka usebusweni bakho; mthathe, uhambe, abe ngumkandodana yenkosi yakho, njengalokho wakhuluma uJehova.”

52. Yathi ukuzwa amazwi abo, inceku ka-Abrahama yakhothama emhlabathini phambi kukaJehova.

53. Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.

54. Base bedla bephuza, yona nabantu eyayinabo, balala; sebevuke ekuseni, yathi: “Ngithumeni enkosini yami.”

Ugenesise 24