Ugenesise 24:28-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Kepha intombazana yagijima, yatshela abendlu kanina lezo zinto.

29. URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani; uLabani wagijimela endle kulowo muntu ngasemthonjeni.

30. Kwathi esebone icici namasongo ezandleni zikadadewabo, wezwa amazwi kaRebeka udadewabo, ethi: “Washo njalo lo muntu kimi,” waya kulowo muntu; bheka, wayemi ngakuwo amakamela ngasemthonjeni.

31. Wathi: “Ngena wena obusisekileyo kaJehova; umelani ngaphandle na? Mina sengilungisile indlu nendawo yamakamela.”

32. Wayesengena endlini lowo muntu, wakhumula amakamela, wapha amakamela utshani nefoliji, waletha namanzi okugeza izinyawo zakhe nezinyawo zamadoda anaye.

Ugenesise 24