20. Yashesha yathululela imbiza yayo emqengqeni, yabuye yaphuthuma emthonjeni ukuyokukha, yakhelela onke amakamela ayo.
21. Indoda yayibhekisisa ithule ukuba yazi, uma uJehova ebephumelelisile indlela yayo noma qha.
22. Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:
23. “Wena uyindodakazi kabani na? Ake ungitshele. Kukhona indawo endlini kayihlo ukuba silale na?”
24. Yathi kuyo: “Indodakazi kaBetuweli indodana kaMilka, amzalela yona uNahori.”
25. Yaqhubeka yathi kuyo: “Sinotshani nefoliji eliningi, nendawo yokulala.”
26. Indoda yayisikhothama, yakhuleka kuJehova,
27. yathi: “Makabongwe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.”
28. Kepha intombazana yagijima, yatshela abendlu kanina lezo zinto.
29. URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani; uLabani wagijimela endle kulowo muntu ngasemthonjeni.
30. Kwathi esebone icici namasongo ezandleni zikadadewabo, wezwa amazwi kaRebeka udadewabo, ethi: “Washo njalo lo muntu kimi,” waya kulowo muntu; bheka, wayemi ngakuwo amakamela ngasemthonjeni.
31. Wathi: “Ngena wena obusisekileyo kaJehova; umelani ngaphandle na? Mina sengilungisile indlu nendawo yamakamela.”