Ugenesise 14:8-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Yaphuma inkosi yaseSodoma, nenkosi yaseGomora, nenkosi yase-Adima, nenkosi yaseSeboyimi, nenkosi yaseBela eliyiSowari; bahloma, balwa nabo esiGodini saseSidimi.

9. Balwa noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, noTidali inkosi yezizwe, no-Amrafeli inkosi yaseShineyari, no-Ariyoki inkosi yase-Elasare; amakhosi amane alwa nayisihlanu.

10. IsiGodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume;* inkosi yaseSodoma neyaseGomora abaleka, awela kuyo; abaseleyo babalekela entabeni.

11. Bathatha yonke impahla yaseSodoma neyaseGomora kanye nakho konke ukudla, bamuka.

12. Bamthatha uLoti indodana yomfowabo ka-Abrama owayehlala eSodoma kanye nempahla yakhe, bamuka.

13. Kepha kweza ophunyukileyo, wamtshela u-Abrama umHeberu, ngokuba wayehlala ngasema-okini* kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; labo babehlangene no-Abrama.

14. Nxa u-Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe, wabutha izinceku zakhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe, ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDani.

Ugenesise 14