3. Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu, wafika eBethele, leyo ndawo lapho lalikhona itende lakhe kuqala, phakathi kweBethele ne-Ayi,
4. indawo ye-altare abelenzile khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho egameni likaJehova.
5. Naye uLoti owahamba no-Abrama wayenezimvu, nezinkomo, namatende.
6. Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.
7. Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.