Ugenesise 11:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Umhlaba wonke wawunolimi lunye nokukhuluma kunye.

2. Kwathi ekusukeni kwabo empumalanga bafumana ithafa ezweni laseShineyari; bakha khona.

3. Base bethi omunye komunye: “Wozani, ake senze izitini, sizishisise.” Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume* laba ludaka lwabo.

Ugenesise 11