Ugenesise 10:9-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova; ngalokho kuthiwa: “Iphisi elinamandla njengoNimrode ebusweni bukaJehova.”

10. Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari.

11. Waphuma kulelo zwe, waya e-Asiriya, wakha iNineve, neRehoboti-Ire, neKhala,

12. neResene phakathi kweNineve neKhala; lo ungumuzi omkhulu.

13. UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,

14. namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti namaKafitori.

15. UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,

16. namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,

17. namaHivi, nama-Arki, namaSini,

18. nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati; ngasemuva imindeni yamaKhanani yahlakazeka.

Ugenesise 10