Uduteronomi 5:4-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. UJehova wakhuluma kinina ubuso nobuso entabeni ephakathi komlilo.

5. Mina ngema phakathi kukaJehova nani ngaleso sikhathi ukunazisa izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anakhuphukela entabeni. Wathi:

6. “ ‘NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

7. “ ‘Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.

8. “ ‘Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo zomfanekiso wokusezulwini phezulu, nokusemhlabeni phansi, nokusemanzini phansi komhlaba;

9. ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,

10. kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.

11. “ ‘Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.

12. “ ‘Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile.

Uduteronomi 5