Uduteronomi 33:9-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. owathi ngoyise nangonina: ‘Angibabonanga,’angabavuma futhi abafowabo,angabazi abantwana bakhe,ngokuba baliqaphele izwi lakho,bagcina isivumelwano sakho.

10. Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho,no-Israyeli umthetho wakho;babeka impepho phambi kwamakhala akho,nomnikelo oshiswa wonke e-altare lakho.

11. Busisa, Jehova, amandla akhe,uyamukele imisebenzi yezandla zakhe;sicila ukhalo lwabo abamvukelayo,nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.”

12. NgoBenjamini wathi:“Othandiweyo kaJehova uyakuhlalaelondwa nguye;uyamsibekela usuku lonke,ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”

13. NgoJosefa wathi:“Izwe lakhe malibusiswe nguJehovangamagugu asezulwini, nangamazolo,nangotwa olwenabileyo phansi,

14. nangamagugu ezithelo zelanga,nangamagugu ezinhlamvu zenyanga,

15. nangezinto ezinqabileyo zezintaba zamandulo,nangamagugu amagquma angunaphakade,

16. nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo,nangentando enhle yowahlala esihlahleni;isibusiso masifike ekhanda likaJosefanasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.

Uduteronomi 33