Uduteronomi 33:20-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. NgoGadi wathi:“Makabusiswe owandisa uGadi:uhlezi njengengonyamakazi,udwengula ingalo nokhakhayi.

21. Wazikhethela isabelo sokuqala,ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli;wahamba nezinhloko zabantu,wafeza ukulunga kukaJehova,nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli.”

22. NgoDani wathi:“UDani uyibhongo lengonyama, elixhumayo, liphuma eBashani.”

23. NgoNafetali wathi:“Nafetali, wanelisiwe ngomusa,ugcwele isibusiso sikaJehova:yidla wena intshonalanga neningizimu.”

24. Ngo-Asheri wathi:“U-Asheri makabusiswe phezu kwabantwana,amukeleke kubafowabo,acwilise unyawo lwakhe emafutheni.

25. Imigoqo yakho iyakuba ngeyensimbi neyethusi,nanjengezinsuku zakho oba njalo amandla akho.

26. “Akakho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni,okhwela izulu ukuyokusiza,nomkhathi ngokuphakama kwakhe.

Uduteronomi 33