Uduteronomi 33:13-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. NgoJosefa wathi:“Izwe lakhe malibusiswe nguJehovangamagugu asezulwini, nangamazolo,nangotwa olwenabileyo phansi,

14. nangamagugu ezithelo zelanga,nangamagugu ezinhlamvu zenyanga,

15. nangezinto ezinqabileyo zezintaba zamandulo,nangamagugu amagquma angunaphakade,

16. nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo,nangentando enhle yowahlala esihlahleni;isibusiso masifike ekhanda likaJosefanasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.

17. Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe,nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe;uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba;zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi,zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”

18. NgoZebuloni wathi:“Yenama, Zebuloni, ekuphumeni kwakho,nawe Isakare, ematendeni akho.

19. Bayakubizela izizwe entabeni,bahlabele khona imihlatshelo yokulunga;ngokuba bayakumunca inala yezilwandle,nengcebo ethukusiweyo yesihlabathi.”

Uduteronomi 33