Uduteronomi 32:29-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Sengathi nga behlakaniphileukuba bakuqonde lokho,bazindle ngokugcina kwabo.

30. Emunye angaxosha kanjani inkulungwane;ababili bangabhengula kanjaniizinkulungwane eziyishumi,uma iDwala labo lingathengisanga ngabo,uJehova ebengabakhapheli, na?

31. Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu;nezitha zethu ziyakubona.

32. Ngokuba umvini waboungumvini waseSodomanowamasimu aseGomora;izithelo zabo ziyizithelo zenyongo,amahlukuzo abo amunyu;

33. iwayini labo liyisihlungu sawodrako,*lingubuthi obesabekayo bamabululu.

Uduteronomi 32