Uduteronomi 31:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.”

9. UMose waloba lowo mthetho, wabanika wona abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova namalunga onke akwa-Israyeli.

10. UMose wabayala wathi: “Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo, ngesikhathi esinqunyiweyo somnyaka woyekelo ngomkhosi wamadokodo,

11. lapho wonke u-Israyeli efike ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha, wofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke ezindlebeni zakhe.

12. Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho ukuba bezwe, bafunde, bamesabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho,

Uduteronomi 31