Uduteronomi 26:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. uyakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngamnika zona uLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi njengayo yonke imiyalo ongiyale ngayo; angiweqanga nowodwa wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga.

14. Angikudlanga ekulileni kwami, angisusanga lutho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenzile njengakho konke ongiyale ngakho.

15. Bheka phansi usezindlini zakho ezingcwele ezulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nomhlaba osinike wona njengokufunga kwakho kobaba, izwe elivame ubisi nezinyosi.’

16. “Namuhla uJehova uNkulunkulu wakho uyakuyala ukwenza lezi zimiso nezahlulelo; ngalokho wozigcina, uzenze ngayo yonke inhliziyo yakho.

17. Umqinisele namuhla uJehova ukuthi uyakuba nguNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nililalele izwi lakhe;

18. uJehova ukuqinisele namuhla ukuthi uyakuba yisizwe senzuzo yakhe njengokukwethembisa kwakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe,

Uduteronomi 26