Uduteronomi 2:16-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. “Kwathi onke amadoda empi esephelile afa phakathi kwabantu,

17. uJehova wakhuluma kimi, wathi:

18. ‘Wena uyakuwela i-Ari, umkhawulo wakwaMowabi;

19. lapho ususondela malungana nabantwana bakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyikukunika izwe labantwana bakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanikile lona abantwana bakwaLoti libe yifa labo.’ ”

20. Nalelo lithiwa izwe lamaRefa; amaRefa ahlala khona kuqala; kepha abakwa-Amoni bawabiza ngokuthi amaZamuzumi,

21. abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babaxosha, bakha esikhundleni sabo,

22. njengalokho ebenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri, lapho ewachitha amaHori phambi kwabo, bawaxosha, bahlala esikhundleni sawo kuze kube namuhla;

23. kanjalo nama-Avi ayehlala emizaneni kwaze kwaba seGaza, anqoba amaKafitori ayevela eKafitori, akha esikhundleni sawo.

Uduteronomi 2