14. “Ngokuba lezi zizwe oyakuzidla ziyabalalela abahlola imihlola nabanamadlozi; kepha wena uJehova uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo.
15. UJehova uNkulunkulu wakho uyakukuvusela umprofethi phakathi kwakho kubafowenu onjengami; nimlalele yena
16. njengakho konke owakufisa kuJehova uNkulunkulu wakho eHorebe ngosuku lomhlangano ngokuthi: ‘Mangingabe ngisalizwa izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngingabe ngisawubona lomlilo omkhulu futhi, funa ngife.’
17. “UJehova wayesethi kimi: ‘Basho kahle lokho abakukhulumile.
18. Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho.