9. kepha wombulala impela; isandla sakho siyakuba phezu kwakhe kuqala ukumbulala, ngasemuva isandla sabantu bonke.
10. Uyakumkhanda ngamatshe ukuba afe, ngokuba uzamile ukukuhlubukisa uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.
11. U-Israyeli wonke uyakuzwa, esabe, angabe esabenza ububi obunjalo njengalobo obuphakathi kwakho.
12. “Uma uyakuzwa ngomunye wemizi yakho uJehova uNkulunkulu wakho akupha wona ukuba wakhe kuwo, kuthiwa:
13. Abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwakho, bahlubukisile abomuzi wabo ngokuthi: ‘Masiye sikhonze abanye onkulunkulu eningabaziyo,’
14. wobuza, uphenye, ubuzisise; bheka, uma kuyiqiniso, leyo nto iqinisekile ukuthi isinengiso esinjalo senziwe phakathi kwakho,