12. niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini.
13. Xwaya ukuba unganikeli ngeminikelo yakho yokushiswa ezindaweni zonke ozibonayo,
14. kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.
15. “Nokho ungahlaba, udle inyama ngaphakathi kwawo onke amasango akho njengesifiso somphefumulo wakho nanjengesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akuphe sona; ongcolileyo nohlambulukileyo bangadla kukho njengokwensephe nokwendluzele.
16. Kuphela igazi aniyikulidla; uyakulithulula emhlabeni njengamanzi.