Uduteronomi 11:12-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. izwe elinakekelwa nguJehova uNkulunkulu wakho; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni komnyaka kuze kube sekupheleni komnyaka.

13. “Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,

14. ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho, newayini lakho, namafutha akho.

15. Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyakudla, usuthe.

16. “Xwayani funa inhliziyo ikhohliswe, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,

17. intukuthelo kaJehova inivuthele, avale izulu, ukuze kungabikho mvula, izwe lingabe lisathela izithelo zalo, niphele masinyane ezweni elihle uJehova aninika lona.

18. Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe luphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu.

19. Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.

20. Uyakuwaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho

21. ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.

22. “Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,

23. uJehova uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nizidle izizwe ezinkulu nezinamandla kunani.

24. Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.

25. Akuyikubakho muntu ongema phambi kwenu; uJehova uNkulunkulu wenu uyakubeka ingebhe novalo ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokho akhuluma kini.

26. “Bheka, ngibeka phambi kwakho namuhla isibusiso nesiqalekiso,

27. isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla,

28. nesiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, kepha niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla, ukulandela abanye onkulunkulu eningabaziyo.

29. “Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, usibeke isibusiso entabeni yaseGerizimu nesiqalekiso entabeni yase-Ebali.

30. Angithi ziphesheya kweJordani ngalaphaya kwendlela yasentshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba, malungana neGiligali ngaseceleni kwama-oki* aseMore na?

31. Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, nilidle, nihlale kulo.

Uduteronomi 11