Uduteronomi 10:4-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Waloba ezibhebheni njengokulotshwa kokuqala imiyalelo eyishumi uJehova ayikhulumayo kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uJehova wanginika zona.

5. Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokho uJehova ebengiyala.”

6. Abantwana bakwa-Israyeli basuka eBeyeroti Bene Jahakani, bafika eMosera; u-Aroni wafela khona, wembelwa khona; u-Eleyazare indodana yakhe wakhonza ebupristini esikhundleni sakhe.

7. Basuka lapho, baya eGudigoda; basuka eGudigoda baya eJothabata, izwe lemifudlana yamanzi.

8. Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.

9. Ngalokho uLevi akanasabelo noma ifa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe njengokukhuluma kukaJehova uNkulunkulu wakho kuye.

10. “Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi, akanibhubhisanga.

11. UJehova wayesethi kimi: ‘Vuka uhambe phambi kwabantu; bayakungena, balidle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.’

12. “Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,

13. ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe, na?

14. “Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.

15. Nokho uJehova wanamathela koyihlo, wabathanda, wakhetha inzalo yabo emva kwabo, yebo, nina ngaphezu kwabantu bonke, njenganamuhla.

16. Ngalokho sokani ijwabu lezinhliziyo zenu, ningabe nisaba ntamo ilukhuni.

Uduteronomi 10