23. “Leyo nto yaba nhle emehlweni ami, ngathatha kini amadoda ayishumi nambili, kwaba yindoda inye kuleso naleso sizwe.
24. Wona ayesephenduka, akhuphukela entabeni, afika esiGodini sase-Eshikoli, asihlola.
25. Athatha ngezandla zawo ezithelweni zezwe, azehlisela kithi, asibuyisela izwi, athi: ‘Yizwe elihle uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’
26. “Nokho anithandanga ukukhuphuka, kepha nahlubuka esiyalezweni sikaJehova uNkulunkulu wenu;
27. nakhonona ematendeni enu, nathi: ‘Ngokuba uJehova wasizonda, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuba asinikele esandleni sama-Amori, sichithwe.
28. Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’
29. “Ngase ngithi kini: ‘Ningashaywa luvalo, ningabesabi.
30. UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu,