10. uJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.
11. UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.
12. Mina ngedwa ngingathwala kanjani izinhlupheko zenu, nemithwalo yenu, nokuxabana kwenu na?