23. “Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela.
24. Iyakuba namandla amakhulu, ingenamandla eyokuqala kodwa; iyakuchitha ngokumangalisayo, iphumelele ukukwenza; iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele.
25. Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.
26. “Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”
27. Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.