Udaniyeli 7:5-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. “Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere,* samiswa ngolunye uhlangothi, izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’

6. “Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.

7. “Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.

8. “Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.

9. “Ngisabheka,kwabekwa izihlalo zobukhosi,kwahlala omdala wezinsuku;izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa,izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo;isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo,amasondo aso engumlilo ovuthayo.

10. Umnonjana womlilo wavela,waphuma phambi kwakhe;izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza,nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumizazimi ngaphambi kwakhe;kwahlala abahluleli,izincwadi zavulwa.

11. “Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yenhlokomo yamazwi amakhulu akhulunywa luphondo; ngabheka saze sahlatshwa isilo, wachithwa umzimba waso, sanikelwa ukuba sishiswe ngomlilo.

12. Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa ukuphila kwazo kwelulwa isikhathi nenkathi.

13. “Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, yasondezwa phambi kwakhe.

14. Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.

15. “Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono yekhanda lami yangihlupha.

Udaniyeli 7