10. Umnonjana womlilo wavela,waphuma phambi kwakhe;izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza,nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumizazimi ngaphambi kwakhe;kwahlala abahluleli,izincwadi zavulwa.
11. “Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yenhlokomo yamazwi amakhulu akhulunywa luphondo; ngabheka saze sahlatshwa isilo, wachithwa umzimba waso, sanikelwa ukuba sishiswe ngomlilo.
12. Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa ukuphila kwazo kwelulwa isikhathi nenkathi.
13. “Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, yasondezwa phambi kwakhe.
14. Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.
15. “Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono yekhanda lami yangihlupha.