1. Kwaba kuhle kuDariyu ukubeka phezu kombuso izikhulu eziyikhulu namashumi amabili ebeziyakuba sembusweni wonke.
2. Phezu kwazo wamisa abongameli abathathu, uDaniyeli engomunye wabo, ukuba izikhulu zibike kubo, ukuze inkosi ingalimali ngalutho.
3. Khona uDaniyeli lo wabadlula abongameli nezikhulu, ngokuba umoya ophakemeyo wawukuye; inkosi yayicabanga ukummisa phezu kombuso wonke.
4. Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye.
5. Ayesethi lawa madoda: “Asiyikuthola lutho ngoDaniyeli, uma singalutholi kokuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.”