33. imilenze yaso iyinsimbi, izinyawo zaso inxenye yinsimbi, inxenye yibumba.
34. Wawusubona ukuthi kwaqheshulwa itshe kungengazandla, lashaya isithombe ezinyaweni zaso eziyinsimbi nebumba, lazichoboza.
35. Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.
36. “Yilelo iphupho; nencazo siyakuyisho phambi kwenkosi.
37. Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.