31. “Wena nkosi wabona, bheka, isithombe esikhulu. Lesi sithombe esasisikhulu nesikucwebezela kwaso kwakukuhle sema phambi kwakho, nesimo saso sasesabeka.
32. Lesi sithombe-ke, ikhanda laso liyigolide elihle, isifuba saso nezingalo zaso kuyisiliva, isisu saso namathanga aso kuyithusi,
33. imilenze yaso iyinsimbi, izinyawo zaso inxenye yinsimbi, inxenye yibumba.
34. Wawusubona ukuthi kwaqheshulwa itshe kungengazandla, lashaya isithombe ezinyaweni zaso eziyinsimbi nebumba, lazichoboza.
35. Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.
36. “Yilelo iphupho; nencazo siyakuyisho phambi kwenkosi.
37. Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.
38. Ezindaweni zonke lapho abantwana babantu behlezi khona, izilwane zasendle nezinyoni zezulu uzinikele esandleni sakho, wenze ukuba ubuse phezu kwazo zonke. Wena uyikhanda legolide.
39. “Emva kwakho kuyakuvuka omunye umbuso omncane kunawe, nomunye umbuso wesithathu wethusi oyakubusa emhlabeni wonke.