Udaniyeli 2:21-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. uyaguqula izikhathi nezinkathi;uyasusa amakhosi, abeke amakhosi;unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha,nokwazi kwabaqonda ukwazi;

22. uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo;uyazi okusebumnyameni,nokukhanya kuhlezi kuye.

23. Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobabaongiphile ukuhlakanipha namandla,wangazisa esasikucela kuwe,ngokuba usazisile indaba yenkosi.”

24. Ngalokho uDaniyeli wangena ku-Ariyoki obemiswe yinkosi ukuba abhubhise abahlakaniphileyo baseBabele. Wahamba, washo kanje kuye, wathi: “Ungababhubhisi abahlakaniphileyo baseBabele; ngingenise phambi kwenkosi, ngibonise inkosi incazelo.”

25. U-Ariyoki wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi, washo kanje kuyo, wathi: “Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.”

26. Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazo yalo na?”

Udaniyeli 2