39. Iyakwenze njalo ezinqabeni ezinamandla inonkulunkulu ongowabezizwe; omvumayo iyakumandisela udumo, imenze ukuba abuse abaningi, imahlukanisele izwe libe ngumvuzo wakhe.
40. “Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngezinqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.
41. Iyakungena nasezweni elihle, namanye amaningi ayakukhubeka, kepha lana ayakophulwa esandleni sayo: o-Edomi, noMowabi, nemvama yabantwana bakwa-Amoni.
42. Iyakwelulela isandla emazweni, nezwe laseGibithe aliyikubaleka.
43. Iyakubusa phezu kwengcebo yegolide nesiliva, naphezu kwakho konke okuthandiweyo kwaseGibithe; amaLubi namaKushe ayakuba sezinyathelweni zayo.