1. Mina-ke, ngomnyaka wokuqala kaDariyu umMede, ngema ukumqinisa ukuba abe namandla.
2. “Kalokhu ngiyakukutshela iqiniso. Bheka, kusezakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; eyesine iyakunotha kunawo onke; isiqinile ngengcebo yayo iyakuvusa bonke ukulwa nombuso waseJavani.
3. Kuyakuvela inkosi enamandla eyakubusa ngokubusa okukhulu, yenze njengentando yayo.
4. Iyakwanele ukuvela nje, umbuso wayo uyakufohlozwa, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba.