U-Isaya 9:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. INkosi ithume izwi kuJakobe,lehlela kwa-Israyeli.

9. Bonke abantu bayakwazi,u-Efrayimi nabakhe eSamariya,abasho ekuziphakamiseni kwabonasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi:

10. “Izitini ziwile,kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo;imithombe igawuliwe,kepha siyakutshala imisedari* ezikhundleni zayo.”

11. UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini,ahlomise abamelene nabo,

12. i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva,bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.

U-Isaya 9