14. Uyakuba ngokungcwele,futhi abe yitshe lokukhubekisa,nedwala lokuwisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli,abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.
15. Abaningi phakathi kwabo bayakukhubeka,bawe, baphuke, bacushwe, babanjwe.”
16. Bopha ubufakazi,uwunamathelise umthetho phakathi kwabafundi bami.
17. Ngiyakumlindela uJehovaositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe,ngethembe kuye.