U-Isaya 66:6-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Yizwi lomsindo elivela emzini,yizwi lasethempelini!Yizwi likaJehovaephindisela izenzo zezitha zakhe.

7. “ISiyoni lingakabi namihelo lazala;lingakehlelwa ngubuhlungu labeletha umntwana wesilisa.

8. Ngubani ozwile okunjalo na?Ngubani obonile okunjengalokhu na?Izwe lingazalwa ngosuku olulodwa na?Isizwe singabelethwa kanyekanye na?Ngokuba iSiyoni lithe lisenemihelo,lazala abantwana balo.

9. Mina ngiyakusondeza ekuzalweni ngingazalisi na?” usho uJehova.“Mina engingozalisayo bengiyakuvala na?” usho uNkulunkulu wakho.

10. “Thokozani kanye neJerusalema,nilethabelenina nonke enilithandayo;jabulani ngenjabulo kanye nalonina nonke enilililelayo,

11. ukuze nincele,naneliswe ngamabele ezinduduzo zalo,nenyiselwe,nename ngokugcwala kwenkazimulo yalo.”

12. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula,nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo,nincele, niphathwe ngezingalo zalo,niwothwe nisemathangeni.

13. Njengoduduzwa ngunina,kanjalo ngiyakuniduduza nina,niduduzeke eJerusalema.”

14. Niyakukubona,izinhliziyo zenu zijabule,amathambo enu ahlume njengohlaza;isandla sikaJehova siyakwaziwa ukuthisisezincekwini zakhe,athukuthelele izitha zakhe.

15. Ngokuba bheka,uJehova uyakufika ngomlilo,izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu,ukubuyisela intukuthelo yakhe ngokufuthekanokukhuza kwakhe ngamalangabi omlilo.

16. Ngokuba uJehova uyakwahlulelainyama yonke ngomlilo nangenkemba;ababulawayo nguJehova bayakuba baningi.

17. “Abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube, nezinengiso, nezimpuku, bayakuphela kanyekanye,” usho uJehova.

18. “Ngiyazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukubutha zonke izizwe nezilimi, zifike, zibone inkazimulo yami.

U-Isaya 66