U-Isaya 65:8-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Usho kanje uJehova, uthi:“Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni,bese kuthiwa: ‘Malingachithwa,ngokuba isibusiso sikulo,’kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami:angiyikubabulala bonke.

9. Ngiyakuveza inzalo kuJakobe,nendlalifa yezintaba zami kuJuda;abakhethiweyo bami bayakulidla,nezinceku zami ziyakwakha khona.

10. ISharoni liyakuba yisibaya sezimvu,nesiGodi sase-Akori indawo yokubuthisa kwezinkomokubantu bami abangifunayo.

11. “Kepha nina enimshiya uJehova,nikhohlwe intaba yami engcwele,nihlelele iNhlanhla* itafula,nigcwalisele isiMiselo* iwayini elixutshanisiweyo,

12. ngiyakuninqumela inkemba,nikhothamele nonke ukuhlatshwa,ngokuba lapho nganibiza, aniphendulanga,nalapho ngakhuluma, anizwanga,kepha nenza okubi emehlweni ami,nakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”

13. Ngalokho isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:“Bhekani, izinceku zami ziyakudla,kepha nina niyakulamba;bhekani, izinceku zami ziyakuphuza,kepha nina niyakoma;bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza,kepha nina niyakujabha;

14. bhekani, izinceku zami ziyakujabulangokwenama kwenhliziyo,kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya,nikhale ngobuhlungu benhliziyo.

15. Niyakulishiya igama lenulibe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami,iNkosi uJehova inibulale,izibize izinceku zayo ngelinye igama,

16. ukuze kuthi ozibusisa emhlabeniazibusise kuNkulunkulu weqiniso,nofunga emhlabeni,afunge uNkulunkulu weqiniso,ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakelenangokuba zisithele emehlweni ami.”

17. “Ngokuba bheka,ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha;izinto zakuqala aziyikukhunjulwa,zingene enhliziyweni.

18. Kepha jabulani,nethabe kuze kube phakade ngengikudalayo,ngokuba bheka, ngilidala iJerusalemalibe ngukwethaba,nabantu balo babe yinjabulo.

U-Isaya 65