U-Isaya 65:21-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo;bayakutshala izivini,badle izithelo zazo.

22. Abayikwakha, kuhlale omunye;abayikutshala, kudle omunye,ngokuba izinsuku zabantu bamiziyakuba njengezinsuku zomuthi,nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bamiuyakugugela kubo.

23. Abayikushikashikela ize,bazalele izinhlupheko,ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova,nabantwana babo bayakuba nabo.

24. Kuyakuthi bengakangibizi,mina ngiphendule;besakhuluma, mina ngiyakuzwa.

U-Isaya 65