U-Isaya 65:19-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Ngiyakwethaba ngeJerusalema,ngijabule ngabantu bami,kungabe kusezwakala izwi lokulilanezwi lokukhala.

20. “Kusukela laphoakusayikuba khona ingane yezinsuku njenexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo,ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala,isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.

21. Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo;bayakutshala izivini,badle izithelo zazo.

U-Isaya 65