U-Isaya 64:3-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ekwenzeni kwakho okwesabekayo esingakubhekanga wehla;izintaba zathuthumela phambi kwakho.

4. Kusukela endulo abantu abezwanga,abacoshanga nangendlebe,futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakhoosebenzela omhlalelayo.

5. Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga,labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho.Wena wathukuthela, thina sona;sahlala kukho nasendulo;siyakusindiswa na?

6. Sonke saba njengongcolileyo,nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo;sabuna sonke njengeqabunga,nobubi bethu basisusa njengomoya.

7. Kwakungekho owalibiza igama lakho,owazivusela ukubambelela kuwe,ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi,wasiqeda ngenxa yobubi bethu.

U-Isaya 64