U-Isaya 64:2-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. njengokuphenjwa komlilo ezinsabeni,nalapho umlilo ubilisa amanzi,ukuze wazise izitha zakho igama lakho,izizwe zithuthumele phambi kwakho.

3. Ekwenzeni kwakho okwesabekayo esingakubhekanga wehla;izintaba zathuthumela phambi kwakho.

4. Kusukela endulo abantu abezwanga,abacoshanga nangendlebe,futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakhoosebenzela omhlalelayo.

5. Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga,labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho.Wena wathukuthela, thina sona;sahlala kukho nasendulo;siyakusindiswa na?

6. Sonke saba njengongcolileyo,nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo;sabuna sonke njengeqabunga,nobubi bethu basisusa njengomoya.

7. Kwakungekho owalibiza igama lakho,owazivusela ukubambelela kuwe,ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi,wasiqeda ngenxa yobubi bethu.

8. Kepha manje, Jehova, unguBaba;thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu,singumsebenzi wesandla sakho sonke.

9. Ungathukutheli kakhulu, Jehova,ungakhumbuli njalo ububi.Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.

U-Isaya 64