U-Isaya 60:7-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe,nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza,zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami,ngiyidumise indlu yodumo lwami.

8. “Ngobani laba abandiza njengefu,nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na?

9. Iziqhingi ziyangihlalela,imikhumbi yaseTharishishi kuqala,ukuletha amadodana akho evela kude,enesiliva negolide lawokulo igama likaJehova uNkulunkulu wakhonakoNgcwele ka-Israyeli,ngokuba uyakudumisa.

10. “Abezizwe bayakuzakha izingange zakho,amakhosi abo akukhonze;noma ngakushaya ngentukuthelo yami,sengiyakuhawukela ngomusa wami.

11. Amasango akho ayakuvuleka njalo,awayikuvalwa imini nobusuku,ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe,amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.

12. Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela;yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.

13. “Inkazimulo yaseLebanoni iyakuza kuwe,umsayipuresi,* nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,ukuyihlobisa indawo yendlu yami engcwele,ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.

14. Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile,nabo bonke abakudelelayo bayakukhothamangasematheni ezinyawo zakho,bakubize ngokuthi uMuzi kaJehovaneSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.

U-Isaya 60