U-Isaya 59:11-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Siyagwavuma sonke njengamabhere,*siyalilisela nokulilisela njengamajuba;silindela ukwahlulela, kepha akukho,nokusindiswa, kepha kukude nathi.

12. Ngokuba iziphambeko zethuzandile phambi kwakho,nezono zethu ziyafakaza ngathi;ngokuba iziphambeko zethu zikithi,nokona kwethu siyakwazi:

13. ukuphambuka nokumphika uJehova,nokumhlubuka uNkulunkulu wethu,nokukhuluma ukucindezela nokwambuka,nokucabanga nokukhuluma amazwi amangaaphuma enhliziyweni.

14. Ukwahlulela kubuyiselwa emuva,nokulunga kumi kude,ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini,nobuqotho abunakungena.

15. Iqiniso lisilele;osuka ebubini uzenza impango;uJehova wakubona lokho,kwaba kubi emehlweni akheukuthi ukwahlulela akukho.

16. Wabona ukuthi akukho muntu,wamangala ukuthi wayengekho omelayo;yayisimsindisa ingalo yakhe,nokulunga kwakhe kwamphasa.

U-Isaya 59