16. Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade,angiyikuthukuthela njalonjalo,ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami,leyo miphefumulo engiyenzileyo.
17. Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela,ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele,kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.
18. Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa;ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo,
19. ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi:Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova;“ngiyakumphilisa.”
20. Ababi banjengolwandle olunyakazisiweyo,ngokuba alunakuphumula,namanzi alo akhipha udaka nobishi.
21. “Akukho ukuthula kwababi,” usho uNkulunkulu wami.