U-Isaya 57:16-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade,angiyikuthukuthela njalonjalo,ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami,leyo miphefumulo engiyenzileyo.

17. Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela,ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele,kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.

18. Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa;ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo,

19. ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi:Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova;“ngiyakumphilisa.”

20. Ababi banjengolwandle olunyakazisiweyo,ngokuba alunakuphumula,namanzi alo akhipha udaka nobishi.

21. “Akukho ukuthula kwababi,” usho uNkulunkulu wami.

U-Isaya 57