U-Isaya 57:10-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Wakhathala ngobude bendlela,kepha awushongo ukuthi: ‘Kuyize.’Wathola amandla aneleyo,ngalokho awuphelanga amandla.

11. “Washaywa luvalo ngobani, wamesaba,waze waqamba amanga,awangikhumbula,futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na?Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo,awungesabi, na?

12. Mina ngiyakumemezela ukulungakwakho nemisebenzi yakho;kepha akuyikukusiza.

13. Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikophule,kepha umoya uzakuzisusa zonke,ukuphefumula kuzithathe;kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe,adle nefa lentaba yami engcwele.”

14. Kuyakuthiwa:“Hlelani, hlelani, nilungise indlela,nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”

15. Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu,ohlala kuze kube phakade,ogama lakhe lingoNgcwele, uthi:“Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele,kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo,ukuvuselela umoya wabathobekileyonokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.

16. Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade,angiyikuthukuthela njalonjalo,ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami,leyo miphefumulo engiyenzileyo.

U-Isaya 57