2. Ubusisiwe umuntu owenza lokhu,nendodana yomuntu ebambelela kukho,ogcina isabatha engaloni,osibamba isandla sakheukuba singenzi nakuphi okubi.”
3. Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehovamayingasho ukuthi:“Impela uJehova uyakungahlukanisanabantu bakhe,”nomthenwa angathi:“Bheka, ngingumuthi owomileyo.”
4. Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi:“Abagcina amasabatha ami,nabakhetha engikuthandayo,nababambelela esivumelwaneni sami
5. bona ngiyakubanika endlini yaminaphakathi kwezingange zamiisikhumbuzo negama elihlekunamadodana namadodakazi;ngiyakubanika igama eliphakade,elingayikunqunywa.
6. Nabezizwe abazihlanganisa noJehovaukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehovaukuba babe yizinceku zakhebonke abaligcina isabatha, bangaloni,nababambelela esivumelwaneni sami,
7. yebo, nabo ngiyakubayisaentabeni yami engcwele,ngibathokozise endlini yami yokukhuleka;iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yaboiyakwamukeleka e-altare lami,ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthiindlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”
8. INkosi uJehovaebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi:“Ngisezakubuthela kuye nabanyengaphandle kwabase bebuthiwe.”
9. Nonke nina zilwane zasendle,wozani nidle,nonke nina zilwane zasehlathini.
10. Bonke abalindi bayizimpumputhe,abanakwazi;bonke bayizinja eziyizimungulu,abakwazi ukukhonkotha,balala bephupha,bathanda ukozela.
11. Yebo, bayizinja ezihahayo,abakwazi ukusutha;yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda,baphendukela bonke ezindleleni zabo,kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe,bonke kanyekanye.
12. Wozani, ngiyakuletha iwayini,sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla;nengomuso liyakuba njenganamuhla,libe likhulu kakhulu.