1. “Jabula wena nyumba, wena ongazalanga,uqhumuke ngokuhlabelela,umemeze wena ongabanga namihelo,ngokuba abantwana boyisikhwebu baningikunabantwana bonendoda,” usho uJehova.
2. “Yenza ibe banzi indawo yetende lakho;mabazelule izindwangu zamakhaya akho,ungazibambezeli, welule izintambo zakho,uziqinise izikhonkwane zakho.