U-Isaya 53:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo;ingalo kaJehova yambulelwa bani na?

2. Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe,nanjengempande emhlabathini owomileyo;yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke,yayingabukeki ukuba siyifune.

3. Yayideleliwe, yashiywa ngabantu,umuntu wobuhlungu owazi ukugula;yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu,asiyishayanga nto yalutho.

4. Kepha yazithwala izifo zethu,yabetshatha ubuhlungu bethu,kodwa thina sathi ijezisiwe,ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.

5. Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,yachotshozwa ngobubi bethu;isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.

6. Thina sonke sidukile njengezimvu;yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe;uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.

U-Isaya 53